1 Chronicles 2:1-55 ZUL1997 - Bible AI

1Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,

2noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.

3Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.

4UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.

5Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule.

6Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.

7Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.

8Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.

9Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.

10URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;

11uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;

12uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.

13UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,

14noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu,

15no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;

16odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.

17U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.

18UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni.

19Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure.

20UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.

21Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi.

22USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi.

23OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.

24Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.

25Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.

26UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.

27Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri.

28Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri.

29Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.

30Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.

31Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.

32Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana.

33Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli.

34Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha.

35USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.

36U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi;

37uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede;

38u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya;

39u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa;

40u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi;

41uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.

42Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni.

43Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema.

44UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.

45Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.

46U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.

47Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi.

48UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana.

49Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.

50Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,

51noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi.

52NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti.

53Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli.

54Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.

55Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.

icle>