1 Chronicles 8:1-40 ZUL1997 - Bible AI

1UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe, no-Ashibeli owesibili, no-Ahara owesithathu,

2noNoha owesine, noRafa owesihlanu.

3UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi,

4no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa,

5noGera, noShefufani, noHuramu.

6Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati,

7zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.

8UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe.

9Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,

10noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.

11Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.

12Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo,

13noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;

14no-Ahiyo, noShashaki, noJeremoti,

15noZebadiya, no-Aradi, no-Edere,

16noMikayeli, noJishipha, noJoha, amadodana kaBeriya,

17noZebadiya, noMeshulamu, noHiziki, noHebere,

18no-Ishmerayi, noJiziliya, noJobabi, amadodana ka-Eliphahali,

19noJakimi, noZikiri, noZabidi,

20no-Eliyenayi, noSilethayi, no-Eliyeli,

21no-Adaya, noBeraya, noShimrati, amadodana kaShimeyi,

22noJishiphani, no-Ebere, no-Eliyeli,

23no-Abidoni, noZikiri, noHanani,

24noHananiya, no-Elamu, no-Anithothiya,

25no-Ifideya, noPhenuweli, amadodana kaShashaki,

26noShamusherayi, noShehariya, no-Athaliya,

27noJahareshiya, no-Eliya, noZikiri, amadodana kaJerohamu.

28Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.

29EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;

30izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi,

31noGedori, no-Ahiyo, noZekeri.

32Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.

33UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.

34Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.

35Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.

36U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;

37uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;

38u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli.

39Amadodana ka-Esheki umfowabo: ngu-Ulamu izibulo lakhe, noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu.

40Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi namadodana amadodana amaningi, eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.

icle>