Amos 9:1-15 ZUL1997 - Bible AI

1Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.

2Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.

3Noma becasha esiqongweni saseKarmeli, ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle, ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.

4Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”

5INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

6yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini, isekele igobela lawo emhlabeni; yiyona ewabizayo amanzi olwandle, iwathululele ebusweni bomhlaba; nguJehova igama layo.

7“Aninjengabantwana bakwaKushe kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova. “Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe, namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”

8“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.

9“Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonke abezizwe, njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo, kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

10Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba, zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”

11“Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,

12ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,” usho uJehova okwenza lokhu.

13“Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.

14Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.

15Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.

Bible Society of South Africa, 1997
iv>