Hosea 3:1-5 ZUL1997 - Bible AI

1UJehova wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.”

2Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva, nangehomere* lebhali,* nangenxenye yehomere lebhali,

3ngathi kuye: “Uyakuhlala kimi izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi ngowomunye, nami ngibe njalo kuwe.”

4Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*

5Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.

Bible Society of South Africa, 1997
iv>