Isaiah 50:1-11 ZUL1997 - Bible AI

1Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.

2Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.

3Ngiyembathisa amazulu ubumnyama, ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo.”

4INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.

5INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.

6Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe.

7Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngalokho angijabhanga, ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha.

8Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi.

9Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza; ngubani oyakungilahla na? Bheka, bonke bayakuguga njengengubo, badliwe njengezinundu.

10Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.

11Bhekani nina nonke eniphemba umlilo, enibhinca izikhuni, manihambe ekukhanyeni komlilo wenu naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo. Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.