Jeremiah 2:1-37 ZUL1997 - Bible AI

1Lase lifika izwi likaJehova, lithi: “Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi:

2“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.

3U-Israyeli ungcwele kuJehova, ululibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayathola icala, okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.

4Zwanini izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.

5Usho kanje uJehova, uthi: “Ububi buni oyihlo ababufumene kimi, baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?

6Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’

7Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo, kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.

8Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.

9“Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova, “ngiphikisane nabantwana babantwana benu.

10Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone, nithume eKedari, niqonde kahle, nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

11Isizwe sike senana ngawonkulunkulu abangesibo onkulunkulu na? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.

12Mangalani ngalokho, mazulu, nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.

13“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.

14U-Israyeli uyisigqila yini, uyisigqila esazalelwa ekhaya na? Waba kanjani impango na?

15Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.

16Nabantwana baseNofi naseThahipanesi baphuca ukhakhayi lwakho.

17Awuzenzeli lokhu wena ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho, lapho ekuhola endleleni, na?

18Manje unani endleleni eya eGibithe ukuba uphuze amanzi aseSihori, na? Unani endleleni eya e-Asiriya ukuba uwaphuze amanzi omfula na?

19Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

20“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.

21Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?

22Ngokuba noma ugeza ngesoda,* uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.

23“Ungasho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angilandelanga oBali,’ na? Bheka indlela yakho esigodini, wazi ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,

24nembongolo yasendle ejwayele ihlane, esezela umoya ngokukhanuka kwayo; ngubani ongavimbela inkanuko yayo na? Bonke abayifunayo abayikukhathala, bayakuyifumana ngenyanga yayo.

25Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wathi: ‘Kuyize; cha, ngithandile abafokazi, ngiyakubalandela.’

26“Njengesela linamahloni, lapho selifunyenwe, kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni, bona kanye namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo

27abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni: ‘Wena wangizala.’ Ngokuba bangifulathele, abangibheki; kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabo bayakusho ukuthi: ‘Vuka, usisindise.’

28Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.

29“Niphikisanelani nami na? Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.

30“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.

31“Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova. “Bengiyihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye, na? Basholoni abantu bami ukuthi: ‘Sesidlubulundile, asisayikubuyela kuwe,’ na?

32Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.

33Ulungisa kahle kanjani indlela yakho ukufuna uthando! Ngalokho nabesifazane ababi ubafundisile izindlela zakho.

34Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu

35uthi: ‘Anginacala.’ Nempela intukuthelo yakhe ibuyile kimi. Bheka, ngiyakwahlulelana nawe, ngokuba uthi: ‘Angonanga.’

36Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.

37Uyakuphuma nalapho, izandla zakho zisekhanda, ngokuba uJehova uyabalahla obethembayo, awuyikuphumelela kubo.

>