Job 16:1-22 ZUL1997 - Bible AI

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.

3Amazwi angumoya nje awayikuphela yini? Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?

4Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami.

5Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.

6“Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na?

7Kepha manje ungikhathazile, uyichithile yonke indlu yami.

8Ungicindezele, kungubufakazi; ukonda kwami kuyangivukela, kufakaze ebusweni bami.

9Ulaka lwakhe luyangidwengula, lungizingele; uyangigedlela amazinyo; isitha sami singicijisela amehlo aso.

10Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.

11UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo, angiphonse esandleni sababi.

12Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo.

13Abacibishelayo bakhe bangihaqa; uyaqhekeza izinso zami engenasihawu; uchithela inyongo yami emhlabathini.

14Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe.

15“Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami. ngingcolisile uphondo lwami othulini.

16Ubuso bami bubomvu ngokukhala; ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,

17noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile.

18Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo.

19Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

20Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu

21ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulu nendodana yomuntu kumakhelwane wayo.

22Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa, ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.

Bible Society of South Africa, 1997
iv>