Psalms 111:1-10 ZUL1997 - Bible AI

1Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke emhlanganweni nasebandleni labaqotho.

2Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.

3Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade.

4Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele.

5Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.

6Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe ngokubapha ifa labezizwe.

7Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela; imithetho yonke yakhe iqinile;

8imisiwe ngeqiniso nangobuqotho.

9Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa; uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade; lingcwele, liyesabeka igama lakhe.

10Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

>