Psalms 112:1-10 ZUL1997 - Bible AI

1Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

2Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.

3Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi phakade.

4Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.

5Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.

6Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

7Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.

8Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi.

9Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.

10Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.

>