1Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na?
2Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.
3Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela.
4Bheka, olonda u-Israyeli akozeli, akalali.
5UJehova ungumlondi wakho; uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.
6Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.
7UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke; uyakulonda umphefumulo wakho.
8UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.