Psalms 128:1-6 ZUL1997 - Bible AI

1Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.

2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

3Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.

4Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda emesabayo uJehova.

5UJehova makakubusise eseSiyoni; uyakubona inhlanhla yaseJerusalema zonke izinsuku zokuphila kwakho.

6Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.