Psalms 130:1-8 ZUL1997 - Bible AI

1Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.

2Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

3Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?

4Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.

5Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe.

6Umphefumulo wami uyalindela iNkosi kunabalindi belindela ukusa.

7U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye.

8Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke.