1Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
2Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe.
3Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.