1Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.
2Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula.
3Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?
4Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.
5Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
6Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo; bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela*
7Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
8Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa.
9Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
10Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela*