Psalms 26:1-12 ZUL1997 - Bible AI

1Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

2Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.

3Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami; ngihamba eqinisweni lakho.

4Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.

5Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi, angihlali nababi.

6Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova,

7ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa, ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.

8Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.

9Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni nokuphila kwami kanye nabantu begazi

10abanehlazo ezandleni zabo, nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.

11Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi.

12Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.