Psalms 3:1-8 ZUL1997 - Bible AI

1Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.

2Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*

3Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

4Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*

5Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.

6Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke.

7Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.

8Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*

Bible Society of South Africa, 1997
div>