1Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.
2Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.
3Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.
4Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
5Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.
6Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
7Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.
8Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.
9Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo.
10Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
11Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
12Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?
13Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.
14Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.
15Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.
16Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
17Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
18UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
19Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
20Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo.
21Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.
22UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.