Psalms 36:1-12 ZUL1997 - Bible AI

1Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.

2Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.

3Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.

4Uceba okubi ecansini lakhe, uzimisa endleleni engalungile; okubi kakwenyanyi.

5Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

6Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.

7Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.

8Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.

9Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.

10Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo, nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.

11Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli; nesandla somubi masingangixoshi.

12Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka.