Psalms 40:1-17 ZUL1997 - Bible AI

1Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami.

2Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.

3Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.

4Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.

5Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.

6Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.

7Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:

8Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”

9Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi.

10Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.

11Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

12Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile.

13Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule; Jehova, mawuphuthume ungisize.

14Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.

15Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!”

16Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uJehova.”

17Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.