1Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.
2Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo, wena owenza amacebo.
3Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela*
4Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.
5Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade; uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho, akusiphule ezweni labaphilayo. Sela*
6Abalungileyo bayakukubona, besabe; bayakumhleka, bathi:
7“Bheka, nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso.”
8Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.
9Ngizakukudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile; ngizakulindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabangcwele bakho.