Psalms 53:1-6 ZUL1997 - Bible AI

1Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu,” iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle.

2UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu.

3Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.

4Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu.

5Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

6Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule.

Bible Society of South Africa, 1997
/div>