Psalms 56:1-13 ZUL1997 - Bible AI

1Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.

2Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena.

4KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?

5Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

6Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

7Bayakuphunyuka yini ebubini babo na? Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.

8Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?

9Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

10KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

11Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

12Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

13Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo.