Psalms 6:1-10 ZUL1997 - Bible AI

1Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.

2Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,

3nomphefumulo wami uyathuthumela, kepha wena Jehova, koze kube nini na?

4Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.

5Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?

6Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

7Iso lami liyafiphala ngokudabuka; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.

8Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;

9uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami.

10Zonke izitha zami ziyakujabha, zishaywe luvalo; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.

Bible Society of South Africa, 1997
/div>