Psalms 63:1-11 ZUL1997 - Bible AI

1Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.

2Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa.

4Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

5Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,

6Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.

7Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.

8Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.

9Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

10Bayakunikelwa esandleni senkemba, babe yisabelo sezimpungushe.

11Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.