1Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni, nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.
2Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.
3Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela.
4Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.
5Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu, wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude;
6yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla;
7othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu.
8Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho; uyethabisa impumalanga nentshonalanga.
9Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu; umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi; ubalungisela abantu ukudla, ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba.
10Umatisa imisele yawo, ulalisa amasoyi awo; uwuthambisa ngezihlambi, ubusise okumila kuwo.
11Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho, nemikhondo yakho iconsa amafutha.
12Amadlelo asehlane ayaconsa; amagquma abhinca injabulo.
13Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngamabele; konke kuyajabula, kuhlabelele.