Psalms 66:1-20 ZUL1997 - Bible AI

1Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.

2Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe.

3Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.

4Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela*

5Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

6Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.

7Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*

8Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

9ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

10Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

12Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.

13Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

14ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.

15Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela*

16Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

17Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

18Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi.

19Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.

20Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.