Psalms 67:1-7 ZUL1997 - Bible AI

1UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*

2ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe.

3Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.

4Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela*

5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.

6Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.

7UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

Bible Society of South Africa, 1997
/div>