1Nkulunkulu, phuthuma ungikhulule. Jehova, phuthuma ungisize.
2Mabajabhe, bayangaze abafuna umphefumulo wami. Mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangifisela umonakalo.
3Abathi ashila, ashila mababuyele emuva ngenxa yokuhlazeka kwabo.
4Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: “Makabe mkhulu uNkulunkulu.”
5Ngokuba mina ngihluphekile, ngimpofu; Nkulunkulu, ngiphuthumele. Wena uyinsizakalo yami nomkhululi wami; Jehova, ungalibali.