Psalms 75:1-10 ZUL1997 - Bible AI

1Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze; balanda izimangaliso zakho.

2Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo, ngiyakwahlulela ngokulunga.

3Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; mina ngimisile izinsika zawo. Sela*

4Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,” nakwababi: “Ningaphakamisi uphondo.

5Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu, ningajoqi ngentamo elukhuni.”

6Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga nasentshonalanga nasehlane lasezintabeni,

7kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.

8Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.

9Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.

10Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.