Psalms 76:1-12 ZUL1997 - Bible AI

1UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.

2Itabernakele* lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.

3Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*

4Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango.

5Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.

6Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

7Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?

8Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula

9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*

10Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.

11Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.

12Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.