1Halalisani uNkulunkulu amandla ethu, nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.
2Hlabani ihubo, nithathe isigubhu nehabhu* elihle nogubhu.
3Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.
4Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
5Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe. Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:
6“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.
7Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*
8“Zwanini, bantu bami, ngizakufakaza kini ukuthi: O Israyeli, sengathi ungangilalela!
9Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye, ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
10Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
11“Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami, u-Israyeli akanginakanga.
12Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.
13“Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
14Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo, ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.
15Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye, kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.
16Ubeyakubapha ukolweni omuhle; yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”