Psalms 97:1-12 ZUL1997 - Bible AI

1UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.

2Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.

3Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke.

4Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.

5Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.

6Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.

7Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.

8ISiyoni liyezwa, liyajabula; ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.

9Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

10Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi.

11Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

12Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.